New South African Gospel Music 2018 “Ubufakazi Bempilo” Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu

  • Okutuswayo: South African Gospel Songs 2018 “Zonke Izinto Ziphila Ngemigomo Nemithetho Ebekwe NguNkulunkulu” www.youtube.com/watch?v=rS1yyazGpy8
    New South African Gospel Music 2018 “Ubufakazi Bempilo” Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu
    I
    Ngelinye ilanga ngingase ngibanjwe futhi ngishushiswe yiCCP,
    lokhu kuhlupheka kungenxa yokulunga, engikwaziyo enhliziyweni yami.
    Uma ukuphila kwami kucisha njengenhlansi ngokuphazima kweso,
    ngisayosho ngokuziqhenya ukuthi ngamukele uKristu wezinsuku zokugcina.
    Uma ngingakwazi ukubona isigameko esikhulu sokwanda kwevangeli lombuso,
    ngisayonikela izifiso ezinhle kakhulu.
    Uma ngingakwazi ukubona usuku lokufezwa kombuso,
    kodwa ngikwazi ukuhlaza uSathane namuhla, khona-ke inhliziyo yami iyogcwala injabulo nokuthula.
    Amazwi kaNkulunkulu asabalala umhlaba wonke, ukukhanya kubonakele phakathi kwabantu.
    Umbuso kaKristu uyaphakama futhi umiswa phakathi kobunzima.
    Ubumyama sebuzokwedlula, intathakusa elungile ifikile.
    Isikhathi nokoqobo kwethule ubufakazi ngoNkulunkulu.
    II
    Uma ngiba ngofela ukholo, futhi ngingasakwazi ukwethula ubufakazi ngoNkulunkulu,
    ivangeli lombuso lisayosatshalaliswa njengomlilo ngamakholwa angenakubalwa.
    Nakuba ngingazi ukuthi ngingayihamba ibanga elingakanani le ndlela emagudlugudlu,
    ngisayonikela ngenhliziyo yami ethanda uNkulunkulu.
    Sethula ubufakazi ngomsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina, senza intando Yakhe emhlabeni,
    kuyintokozo yethu ukuzinikela ekusabalaliseni iqiniso.
    Singadangaliswa ubunzima, njengegolide elimsulwa elenziwe ekhozeni,
    ethonyeni likaSathane kuphuma iqembu lamasosha anqobileyo.
    Amazwi kaNkulunkulu asabalala umhlaba wonke, ukukhanya kubonakele phakathi kwabantu.
    Umbuso kaKristu uyaphakama futhi umiswa phakathi kobunzima.
    Ubumyama sebuzokwedlula, intathakusa elungile ifikile.
    Isikhathi nokoqobo kwethule ubufakazi ngoNkulunkulu.
    III

    kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
    Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
    Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
    IVANGELI LOKUFIKA KOMBUSO: zu.kingdomsalvation.org/
    IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Facebook: www.facebook.com/EasternLight…
    IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Twitter: twitter.com/cagchurchzu
    E-mail: contact.zu@kingdomsalvation.org
    inombolo: +33-62-95-66-925

    Category : South Africa Music Videos

    #new#south#african#gospel#music#2018#“ubufakazi#bempilo”#iculo#lokuhlangenwe#nakho#komkristu

    0 Comments and 0 replies
arrow_drop_up